Ujeremiya 49:1-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngabantwana bakwa-Amoni. Usho kanje uJehova, uthi:“U-Israyeli kanamadodana,kanandlalifa, na?UMilkomu udleleni ifa likaGadi,abantu bakhe bahlale emizini yakhe, na?

2. Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova,“lapho ngiyakwenza ukuba kuhlatshwe umkhosi wempingeRaba labantwana bakwa-Amoni;liyakuba yincithakalo,imizi yalo ishiswe ngomlilo,u-Israyeli abeselidla ifa lowalidla elakhe,” usho uJehova.

3. “Hhewula, Heshiboni,ngokuba i-Ayi lichithekile,nikhale, madodakazi aseRaba,nibhince izindwangu zamasaka,nilile, nigijime phakathi kwezintango,ngokuba uMilikomu uyakuya ekuthunjweni,abapristi bakhe nezikhulu zakhe kanyekanye.

4. Uzidumiselani ngezigodi,isigodi sakho esichichimayo,wena ndodakazi ehlubukayo,othemba engcebeni yakho ngokuthi:‘Ngubani ongehlela mina, na?’

5. Bheka, ngiyakwehlisela phezu kwakho uvalo,” isho iNkosi uJehova Sebawoti,“luvela kubo bonke abakuzungezayo,nixoshwe, kube yilowo nalowo ngendlela yakhe,kungabikho obutha ababalekileyo.

6. “Kepha ngasemuva ngiyakubuyisaukuthunjwa kwabantwana bakwa-Amoni,” usho uJehova.

7. Ngo-Edoni.Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:“Akusekho ukuhlakanipha eThemani na?Amasu aphelile kwabaqondileyo,ukuhlakanipha kwabo kunyamalele, na?

8. Balekani, nibuye,nihlale ezigoxini nina bakhileyo eDedani,ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwakhe ingozi ka-Esawungesikhathi sokumhambela kwami.

9. Uma bekufika kuwe abavuna izithelo zomvini,abayikushiya umkhothozo;namasela ebusukuabeyakuchitha aze aneliswe.

10. Kepha mina ngiyakumhlubula u-Esawu,ngambule izindawo zakhe ezichithekileyo, kanakucasha;inzalo yakhe ichithekile,nabafowabo, nabakhelwane bakhe,yena abe engasekho.

11. Shiya izintandane zakho,mina ngiyakuziphilisa,abafelokazi bakho bethembe kimi.”

12. Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, labo okwakungesibo okwabo ukuphuza indebe bayakuyiphuza nokuyiphuza; ubuyakuba ngongenacala na? Awuyikuba ngongenacala, ngokuba uyakuyiphuza nokuyiphuza.

13. Ngokuba ngizifungile,” usho uJehova, “ukuthi iBosira liyakuba yisimangaliso, nehlazo, nencithakalo, nesiqalekiso, yonke imizi yalo ibe yizincithakalo eziphakade.”

Ujeremiya 49