9. Nikani uMowabi amaphiko,ngokuba uyakundiza, aphume;imizi yakhe iyakuba yincithakalo,kungabikho osahlala kuyo.
10. “Makaqalekiswe owenza umsebenzikaJehova ngokunganakekeli,aqalekiswe naye ogodla inkemba yakhe egazini.
11. “UMowabi ugciniwe kwasebusheni bakhe,uphumulile enhleseni yakhe,kathululwanga ezitsheni ngezitsha,akayanga ekuthunjweni;ngalokho ukuzwakala kwakhe kuhlala kuye,nephunga lakhe aliguquki.
12. Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova,“engiyakuthuma ngazo kuye abathambekayoabayakumthambeka,bazithulule izitsha zakhe,baziphohloze izimvaba zakhe.
13. UMowabi uyakujabha ngoKemoshi,njengalokhu indlu ka-Israyeli yajabha ngeBethele,ithemba labo.
14. “Ningasho kanjani ukuthi:‘Singamaqhawenamadoda anamandla okulwa’ na?
15. Umchithi kaMowabi nemizi yakhe bakhuphukile,izinsizwa zakhe ezikhethekileyo zehlele ukuyobulawa,”isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.