44. “Obalekela ukwesaba uyakuwela emgodini,okhuphuka emgodini uyakubanjwa ogibeni,ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwabo,phezu kukaMowabi,umnyaka wokujeziswa kwabo,” usho uJehova.
45. “Emthunzini waseHeshiboniababalekileyo bayema bephelile amandla,ngokuba umlilo uphumile eHeshiboni,nelangabi phakathi kweSihoni;udlile amacele akwaMowabi,nokhakhayi lwamadoda omsindo okulwa.
46. Maye kuwena Mowabi!Abantu bakaKemoshi baphelile,ngokuba amadodana akho athunjiwe,namadodakazi akho ayiswe ekuthunjweni.
47. Kepha ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaMowabingezinsuku ezizayo,” usho uJehova.Kuphela lapha ukwahlulelwa kukaMowabi.