Ujeremiya 46:16-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Wakhubekisa abaningi,yebo, bawa omunye phezu komunye,bathi: ‘Sukani,sibuyele kubantu bakithinasezweni lokuzalwa kwethu,sisuke enkembeni ecindezelayo.’

17. Bamemeza khona, bathi:‘UFaro inkosi yaseGibithe ungumsindo,udlulisile isikhathi esimisiweyo.’

18. “Kuphila kwami,” isho iNkosiegama layo linguJehova Sebawoti,“impela njengeThabori phakathi kwezintaba,nanjengeKarmeli ngaselwandle, kanjalo uyakufika.

19. Zenzele izinto zokuthunjwa,ndodakazi, ohlala eGibithe,ngokuba iNofi liyakuba yincithakalo,lishiswe kungabe kusabakho ohlala kulo.

20. “IGibithe liyisithokazi esihle kakhulu,kepha kuvela isibawu enyakatho, sesifikile.

21. Abaqashwa balo phakathi kwalobanjengamathole akhuluphalisiweyo;nabo babuyele emuva,babaleka kanyekanye, abemanga,ngokuba usuku lwengozi yabo lubehlele,isikhathi sokuhanjelwa kwabo.

22. Ukuhashaza kokuhamba kwalo kunjengokwenyoka;ngokuba bahamba nempi,balifikele bephethe amazembenjengabagawuli bemithi.

Ujeremiya 46