5. Engakabuyi, yathi: “Buyela kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani, inkosi yaseBabele emenze abe ngumbusi phezu kwemizi yakwaJuda, uhlale naye phakathi kwabantu; noma lapho kulungile emehlweni akho ukuya khona, yiya lapho.” Induna yabalindi yayisimnika umphako nesipho, yamvumela ukuba ahambe.
6. Wayesehamba uJeremiya, waya kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu, eMispa, wahlala naye phakathi kwabantu ababesele ezweni.
7. Zonke izinduna zempi ezazisendle, zona nabantu bazo, sezizwile ukuthi inkosi yaseBabele imenzile uGedaliya indodana ka-Ahikamu umbusi ezweni nokuthi inikele kuye abesilisa, nabesifazane, nabantwana, nabayizimpofana bezwe abangathunjelwanga eBabele,
8. zaya kuGedaliya eMispa: u-Ishmayeli indodana kaNethaniya, noJohanani noJonathani amadodana kaKhareya, noSeraya indodana kaThanihumeti, namadodana ka-Efayi waseNethofa, noJahazaniya indodana yomMahakha, bona nabantu babo.