Ujeremiya 39:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi lapho iJerusalema selinqotshiwe ngomnyaka wesishiyagalolunye kaSedekiya, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yeshumi kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, nempi yakhe yonke eJerusalema, walivimbezela;

2. ngomnyaka weshumi nanye kaSedekiya ngenyanga yesine ngolwesishiyagalolunye lwenyanga umuzi wafohlwa

3. kwangena zonke izikhulu zenkosi yaseBabele, zahlala esangweni eliphakathi, oNerigali Sareseri, noSamigari Nebo, noSaresekimi induna yezinceku, noNerigali Sareseri induna yabapristi, kanye nazo zonke ezinye izikhulu zenkosi yaseBabele.

4. Kwathi lapho uSedekiya inkosi yakwaJuda nawo onke amadoda empi bezibona, babaleka, bephuma emzini ebusuku ngendlela yensimu yenkosi ngesango phakathi kwezingange zombili; waphuma ngendlela yase-Araba.

5. Kepha impi yamaKaledi yabaxosha, yamfica uSedekiya emahlane aseJeriko, yambamba, yamkhuphulela kuNebukadinesari, inkosi yaseBabele, eRibila ezweni laseHamati, wamahlulela.

6. Inkosi yaseBabele yabulala amadodana kaSedekiya eRibila phambi kwamehlo akhe; futhi inkosi yaseBabele yabulala bonke abakhulu bakwaJuda.

Ujeremiya 39