Ujeremiya 37:15-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Izikhulu zamthukuthelela uJeremiya, zamshaya, zamfaka etilongweni endlini kaJonathani umbhali, ngokuba zaziyenze itilongo.

16. Lapho uJeremiya esengene endlini yomgodi ezindlwaneni ezingaphansi, uJeremiya esehlale khona izinsuku eziningi,

17. uSedekiya inkosi wathumela wamlanda; inkosi yambuza ngasese endlini yayo, yathi: “Kukhona izwi elivela kuJehova na?”UJeremiya wathi: “Likhona.” Wathi futhi: “Uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBabele.”

18. UJeremiya wathi futhi enkosini uSedekiya: “Ngoneni kuwe, nasezincekwini zakho, nakulaba bantu ukuba ningifake etilongweni na?

19. Baphi manje abaprofethi benu ababeprofetha kini ngokuthi: ‘Inkosi yaseBabele ayiyikunehlela nina naleli zwe,’ na?

Ujeremiya 37