Ujeremiya 36:31-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

31. Ngiyakumjezisa yena nenzalo yakhe nezinceku zakhe ngokona kwabo, ngehlisele phezu kwabo, naphezu kwabakhileyo eJerusalema, naphezu kwabantu bakwaJuda konke okubi engikukhulume ngabo, bengalalelanga kodwa.’ ”

32. UJeremiya wayesethatha omunye umqulu, wawunika uBaruki umbhali, indodana kaNeriya, owaloba kuwo, ewathatha emlonyeni kaJeremiya onke amazwi encwadi uJehoyakimi inkosi yakwaJuda ayeyishisile ngomlilo; kwathasiselwa kuwo amanye amazwi amaningi anjengawo.

Ujeremiya 36