Ujeremiya 34:10-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Zalalela zonke izikhulu, nabo bonke abantu ababengene esivumelwaneni ukuba bavumele, kube yilowo nalowo isigqila sakhe, yilowo nalowo isigqilakazi sakhe, ukuba zihambe, zikhululeke, kungabe kusaba khona okhonzisayo; bezwa, bavuma ukuba bahambe.

11. Kepha emva kwalokho baphenduka, bazibuyisa izigqila nezigqilakazi ababezivumele ukuba zihambe, zikhululeke, bazithobisa zaba yizigqila nezigqilakazi.

12. Ngalokho izwi likaJehova lafika kuJeremiya livela kuJehova, lathi:

13. “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Mina ngenza isivumelwano nawoyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe endlini yeziboshwa, ngathi:

14. ‘Ngasekugcineni kweminyaka eyisikhombisa niyakuvumela, kube yilowo nalowo umfowabo ongumHeberu othengisiwe kuwe, wakukhonza iminyaka eyisithupha, ukuba ahambe, nimdedele, akhululeke kini.’ Kepha oyihlo abangilalelanga, ababekanga izindlebe.

Ujeremiya 34