Ujeremiya 31:8-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Bheka,ngiyakubabuyisa ezweni lasenyakatho,ngibabuthe emikhawulweni yomhlaba,okuphakathi kwabo kuyizimpumputhe nezinyonga,abakhulelweyo nababelethayo kanyekanye,babuyele lapha beyibandla elikhulu.

9. Bayakufika bekhala,ngibahambise bekhuleka,ngibayise emifuleni yamanzingendlela eqondileyo abangayikukhubeka kuyo,ngokuba nginguyise ka-Israyeli,no-Efrayimi uyizibulo lami.

10. “Zwanini izwi likaJehova nina zizwe,nilimemeze eziqhingini ezikude, nithi:‘Owamhlakaza u-Israyeli uyakumbuthaamlondoloze njengomalusi umhlambi wakhe.’

11. Ngokuba uJehova umhlawulele uJakobe,wamhlenga esandleni sonamandla kunaye.

12. Bayakufika, bahlabelele ngokujabulaekuphakameni kwaseSiyoni,bagobhozele kukho okuhle kukaJehova,yebo, emabeleni, nasewayinini,nasemafutheni,nakuwo amazinyane ezimvu nawezinkomo,umphefumulo wabo ube njengensimu eniselweyo,bangabe besaba nosizi futhi.

13. Khona intombi iyakuthokoza ekusineni,nezinsizwa nabadala kanyekanye;ngiyakuphendula ukukhala kwabokube ngukujabula,ngibaduduze, ngibathokozise,bangabe besaba nosizi.

14. Ngiyakudelisa umphefumulo wabapristi ngamanoni,abantu bami basuthe ngokuhle kwami,” usho uJehova.

15. Usho kanje uJehova, uthi:“Izwi liyezwakala eRama,ukulila nokukhala okumunyu,uRaheli ekhalela abantwana bakhe;uyala ukududuzwa ngabantwana bakhe,ngokuba abasekho.”

16. Usho kanje uJehova, uthi:“Bamba izwi lakho, ungakhali,amehlo akho angabi nazinyembezi,ngokuba umsebenzi wakho uyakuba nomvuzo,” usho uJehova,“babuye ezweni lesitha.

17. Kukhona ithemba lokugcina kwakho,” usho uJehova;“abantwana bayakubuyela emikhawulweni yabo.

18. “Ngimzwile nokumuzwa u-Efrayimi ezidabukela,ethi: ‘Ungishayile,ngashaywa njengethole elingajwayele ijoka;ngibuyise ukuba ngibuye,ngokuba wena unguJehova uNkulunkulu wami.

19. Impela lapho sengibuyisiwe, ngazisola,nalapho ngifundisiwe,ngashaya ithanga lami,ngaba namahloni, yebo, ngajabha,ngokuba ngathwala ihlazo lobusha bami.’

Ujeremiya 31