Ujeremiya 31:6-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Ngokuba kuyakuba khona usukuabayakumemeza ngalo abalindientabeni yakwa-Efrayimi ukuthi:‘Sukani, sikhuphukele eSiyonikuJehova uNkulunkulu wethu.’ ”

7. Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:“Hlabelelani kuJakobe ngokujabula,nimemezele inhloko yezizwe,nizwakalise, nidumise nithi:‘Jehova, sindisa abantu bakho,insali yakwa-Israyeli.’

8. Bheka,ngiyakubabuyisa ezweni lasenyakatho,ngibabuthe emikhawulweni yomhlaba,okuphakathi kwabo kuyizimpumputhe nezinyonga,abakhulelweyo nababelethayo kanyekanye,babuyele lapha beyibandla elikhulu.

9. Bayakufika bekhala,ngibahambise bekhuleka,ngibayise emifuleni yamanzingendlela eqondileyo abangayikukhubeka kuyo,ngokuba nginguyise ka-Israyeli,no-Efrayimi uyizibulo lami.

10. “Zwanini izwi likaJehova nina zizwe,nilimemeze eziqhingini ezikude, nithi:‘Owamhlakaza u-Israyeli uyakumbuthaamlondoloze njengomalusi umhlambi wakhe.’

11. Ngokuba uJehova umhlawulele uJakobe,wamhlenga esandleni sonamandla kunaye.

Ujeremiya 31