7. Ngathi uzakubuyela kimi esekwenzile konke lokhu, kodwa akabuyanga; udadewabo okhohlisayo, uJuda, wakubona.
8. Ngabona ukuthi noma ngangimlahlile u-Israyeli ohlehlayo ngalesi sizathu sokuthi uphingile, ngamnika incwadi yesahlukaniso, udadewabo okhohlisayo, uJuda, akesabanga nokho, kepha waya wafeba naye,
9. nangokuzwakala kokufeba kwakhe langcoliswa izwe, waphinga nemithi namatshe.
10. Kepha kukho konke lokhu udadewabo okhohlisayo, uJuda, akabuyelanga kimi ngenhliziyo yonke, kuphela ngokuzenzisa nje,” usho uJehova.
11. Wayesethi uJehova kimi: “U-Israyeli ohlehlayo ubonakele elungile kunoJuda okhohlisayo.