21. Izwi liyezwakala emadulini angenalutho,ukukhala nokukhuleka kwabantwana bakwa-Israyeli,ngokuba bayihlanekezele indlela yabo,bakhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo.
22. “Buyani nina bantwana abahlehlayo,ngikuphulukise ukuhlehla kwenu.”“Bheka, sesifikile kuwe,ngokuba unguJehova uNkulunkulu wethu.
23. Impela amagquma ayizekanye nomsindo wasezintabeni.Ngokwempela ukusindiswa kuka-IsrayelikukuJehova uNkulunkulu wethu.
24. UBosheti* uqedile umshikashika wawobaba kwasebusheni bethu,izimvu zabo, nezinkomo zabo,namadodana abo, namadodakazi abo.