25. nawo onke amakhosi aseZimri, nawo onke amakhosi ase-Elamu, nawo onke amakhosi aseMediya,
26. nawo onke amakhosi asenyakatho, akude naseduze, yileyo naleyo, nayo yonke imibuso yezwe esebusweni bomhlaba; nenkosi yaseSheshaki iyakuphuza emva kwabo.
27. “Uyakusho kubo ukuthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Phuzani, nidakwe, nihlanze, niwe, ningabe nisasukuma ngenxa yenkemba engiyakuyithuma phakathi kwenu.’
28. Kuyakuthi lapho bala ukuthatha indebe esandleni sakho ukuba bayiphuze, usho kubo ukuthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Impela niyakuphuza.
29. Ngokuba bheka, ngiyaqala ukwenza okubi emzini obizwe ngegama lami; nina beniyakuba ngabangenacala na? Aniyikuba ngabangenacala, ngokuba ngiyakubiza bonke abakhileyo emhlabeni beze enkembeni, usho uJehova Sebawoti.’
30. “Manje, profetha kubo onke lawa mazwi, uthi kubo:“ ‘UJehova uyakuduma ephezulu,aliphumise izwi lakheesendaweni yakhe engcwele;uyakuduma nokuduma phezu kwekhaya lakhe,amemeze njengabanyathela iwayinikubo bonke abakhileyo emhlabeni.
31. Umsindo uyakufinyelela emkhawulweni womhlaba,ngokuba uJehova uyamelana nezizwe;uyahlulela inyama yonke,kepha ababi uyakubanikela enkembeni,’ ” usho uJehova.
32. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:“Bheka, okubi kuyaphumakwesinye isizwe kuye kwesinye,nesivunguvungu siyavuswa emikhawulweni yomhlaba.”
33. Ngalolo suku ababuleweyo bakaJehova bayakusukela komunye umkhawulo womhlaba, baze bafike komunye; abayikukhalelwa, abayikubuthwa, abayikumbelwa, bayakuba ngumquba ebusweni bomhlaba.
34. Hhewulani nina belusi, nikhale,nihuquzele emlotheninina zikhulu zomhlambi,ngokuba sezipheleleizinsuku zenu zokuba nihlatshwe,nginihlakaze, niwe njengesitsha esihle.
35. Abelusi abayikuba nandawo ukubalekela kuyo,izikhulu zomhlambi zingabi nasiphephelo.