Ujeremiya 25:16-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Ziyakuphuza, zintengantenge, zihlanye ngaphambi kwenkemba engiyakuyithuma phakathi kwazo.”

17. Ngase ngiyithatha indebe esandleni sikaJehova, ngaziphuzisa zonke izizwe uJehova angithuma kuzo:

18. iJerusalema nemizi yakwaJuda, namakhosi alo, nezikhulu zalo, ukuba ngikwenze kube yincithakalo, nesimangaliso, nento encimfelwayo, nesiqalekiso njenganamuhla;

19. kanye noFaro inkosi yaseGibithe, nezinceku zakhe, nezikhulu zakhe, nabantu bakhe bonke,

20. nayo yonke ingxubevange yabantu; onke amakhosi ase-Uzi, nawo onke amakhosi asezweni lamaFilisti e-Ashikeloni, naseGaza, nase-Ekroni, nensali yase-Ashidodi;

21. o-Edomi, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni,

22. nawo onke amakhosi aseTire, nawo onke amakhosi aseSidoni, namakhosi aseziqhingini ezingaphesheya kolwandle;

23. iDedani, neThema, neBuzi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo,

24. nawo onke amakhosi ase-Arabiya, nawo onke amakhosi engxubevange yabantu ehlala ehlane,

25. nawo onke amakhosi aseZimri, nawo onke amakhosi ase-Elamu, nawo onke amakhosi aseMediya,

Ujeremiya 25