Ujeremiya 23:4-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Ngiyakumisa phezu kwayo abelusi abayakuyalusa; ayisayikwesaba, ayiyikuphela amandla, ayisayikujeziswa,” usho uJehova.

5. “Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakumisela uDavide iHlumela elilungileyo; liyakubusa njengenkosi, libe nokuhlakanipha, lenze ukwahlulela nokulunga ezweni.

6. Ezinsukwini zalo uJuda uyakusindiswa, u-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama eliyakubizwa ngalo lokuthi: UJEHOVA UNGUKULUNGA KWETHU.

7. “Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “abangasayikusho ngazo ukuthi: ‘Kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe,’

8. kepha ukuthi: ‘Kuphila kukaJehova owayikhuphula, wayihola inzalo yendlu ka-Israyeli ezweni lasenyakatho nasemazweni onke lapho ngangibaxoshele khona.’ Iyakwakha ezweni lakubo.”

9. Ngabaprofethi.Inhliziyo yami yaphukile phakathi kwami,amathambo onke ami ayathuthumela;nginjengomuntu odakiweyo,njengomuntu owahlulwe yiwayiningenxa kaJehovanangenxa yamazwi akhe angcwele.

Ujeremiya 23