11. “Ngokuba nabaprofethi nabapristi abanaNkulunkulu;nasendlini ngifumene okubi kwabo,” usho uJehova.
12. “Ngalokho indlela yaboiyakuba yizindawo ezibushelelezi;bayakusunduzwa ebumnyameni,bawe kubo,ngokuba ngiyakubehlisela okubingomnyaka wokuhanjelwa kwabo,” usho uJehova.
13. “Kubaprofethi baseSamariya ngibonile ubuwula:baprofetha ngoBali,bedukisa abantu bami u-Israyeli.
14. Nakubaprofethi baseJerusalemangibonile okwesabekayo:bayaphinga, bahamba ngamanga,baqinisa izandla zababi,ukuze kungabuyi muntu ebubini bakhe;bonke banjengeSodoma kimi,nabakhileyo kulo banjengeGomora.”
15. Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti ngabaprofethi, uthi:“Bheka, ngiyakubanika ukuba badle umhlonyane,baphuze amanzi enyongo,ngokuba ukungabi naNkulunkulukuphume kubaprofethi,kwaya ezweni lonke.”
16. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:“Ningawalaleli amazwi abaprofethiabaprofetha kini;banifundisa okuyize,bakhuluma umbono wenhliziyo yabo,kungengokuvela emlonyeni kaJehova.
17. Bazinge bethi kwabangidelelayo:UJehova ukhulumile uthi:‘Niyakuba nokuthula.’Kubo bonke abahamba ngenkaniyenhliziyo yabo bathi:‘Aniyikwehlelwa ngokubi.’
18. Ngokuba ngubani owake wemaemkhandlwini kaJehova ukuba abone,ezwe izwi lakhe na?Ngubani oqaphele izwi lakhe,walizwa, na?
19. Bheka,isivunguvungu sikaJehovaesinokufutheka siphumile;isivunguvungu esiyisikhwishikhwishisehlele phezu kwamakhanda ababi.
20. Intukuthelo kaJehova ayiyikubuyaaze enze,aze afeze umgomo wenhliziyo yakhe;ezinsukwini ezizayo niyakukuqonda nokukuqonda.
21. Mina angibathumanga abaprofethi,nokho bagijima;bengingakhulumile kubo,nokho baprofetha.
22. Uma bebemi emkhandlwini wami,nga bezwisile abantu bami amazwi ami,bababuyise endleleni yabo embi,nasebubini bezenzo zabo.
23. “NginguNkulunkulu eduze yini,” usho uJehova,“ngingesiye uNkulunkulu kude na?
24. Ukhona ongacasha ezindaweni ezisithekileyoukuze ngingamboni na?” usho uJehova.“Angithi ngiyagcwalisa izulu nomhlaba na?” usho uJehova.
25. “Ngizwile ukuthi bathini abaprofethi abaprofetha amanga egameni lami, bethi: ‘Ngiphuphile, ngiphuphile.’
26. Lokhu koze kube nini ezinhliziyweni zabaprofethi abaprofetha amanga, bengabaprofethi benkohliso yenhliziyo yabo,
27. abacabanga ukwenza ukuba abantu bami bakhohlwe igama lami ngamaphupho abo abawalandisa, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, njengalokho oyise bakhohlwa igama lami ngenxa kaBali, na?
28. Umprofethi onephupho makalilandise iphupho, kepha onezwi lami makalikhulume izwi lami ngeqiniso. Amakhoba ayini kukolweni na?” usho uJehova.