Ujeremiya 22:12-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. kepha uyakufela kuleyo ndawo lapho bemthumbele khona; naleli zwe kasayikulibona.”

13. “Wo koyakha indlu yakhe ngokungalungi,namakamelo akhe ngokungafanele,osebenzisa umakhelwane wakhe engamholeli,angamniki lutho ngomsebenzi wakhe,

14. othi: ‘Ngiyakuzakhela indlu enkulunamakamelo abanzi,’ayibhobozele amafasitele,bese yembeswa ngemisedari,*ibhecwe ngebomvu!

15. “Uyinkosi ngokuba ushisekela imisedari* na?Angithi uyihlo wadla, waphuza,wenza ukwahlulela nokulunga,kwaba kuhle kuye, na?

16. Wahlulela abaswelayo nabampofu,kwaba kuhle;angithi lokhu kungukungazi mina na?” usho uJehova.

17. “Amehlo akho nenhliziyo yakhokusekuphangeni kuphela,nasekuchitheni igazi elingenacala,nasekucindezeleni,nasekudloveni ukuba ukwenze.”

18. Ngalokho usho kanje uJehova ngoJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, uthi:“Abayikumkhalela ngokuthi:‘Hhawu, mfowethu,’noma, ‘hhawu, dadewethu!’futhi bangamkhaleli ngokuthi:‘Hhawu, nkosi,’noma, ‘hhawu, bukhosi bakhe!’

19. Uyakumbelwa ngokumbelwa kwembongolo,ahudulwe alahlwe ngale kwamasango aseJerusalema.

20. “Khuphukela eLebanoni, ukhale;phakamisa izwi lakho eBashani,ukhale use-Abarimi,ngokuba zonke izithandwa zakho zibulewe.

21. Ngakhuluma kuwe usenenhlanhla,kepha wathi: ‘Angizwa.’Lokhu kuyindlela yakho kwasebusheni bakhoukuthi awulizwa izwi lami.

Ujeremiya 22