Ujeremiya 2:16-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Nabantwana baseNofi naseThahipanesibaphuca ukhakhayi lwakho.

17. Awuzenzeli lokhu wenangokushiya kwakho uJehova uNkulunkulu wakho,lapho ekuhola endleleni, na?

18. Manje unani endleleni eya eGibitheukuba uphuze amanzi aseSihori, na?Unani endleleni eya e-Asiriyaukuba uwaphuze amanzi omfula na?

19. Ububi bakho buyakukulaya,nokuhlehla kwakho kuyakukusola;yazi, ubone ukuthi kuyinto embi nebabayoyokuthi umhlubukile uJehova uNkulunkulu wakhonokuthi ukungesaba akukho kuwe,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.

20. “Ngokuba walaphula ijoka lakho endulo,wazigqabula izibopho zakho,wathi: ‘Angiyikukhonza.’Ngokuba kuwo onke amagquma aphakemeyonaphansi kwayo yonke imithi eluhlazawalala njengesifebe.

21. Mina ngakutshala ungumvini omuhle,imbewu elungileyo yodwa;pho, uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi,elomvini wabezizwe, na?

22. Ngokuba noma ugeza ngesoda,*uzithathele insipho eningi,ububi bakho bulotshiwe phambi kwami,” isho iNkosi uJehova.

23. “Ungasho kanjani ukuthi:‘Angingcolile,angilandelanga oBali,’ na?Bheka indlela yakho esigodini,wazi ukuthi wenzeni:uyikamela lensikazi elinejubane,elizulazula ezindleleni zalo,

24. nembongolo yasendle ejwayele ihlane,esezela umoya ngokukhanuka kwayo;ngubani ongavimbela inkanuko yayo na?Bonke abayifunayo abayikukhathala,bayakuyifumana ngenyanga yayo.

25. Nqanda unyawo lwakho lungabi olungenasicathulo,nomphimbo wakho ukuba ungomi;kepha wathi: ‘Kuyize;cha, ngithandile abafokazi,ngiyakubalandela.’

26. “Njengesela linamahloni,lapho selifunyenwe,kanjalo indlu yakwa-Israyeli iyakuba namahloni,bona kanye namakhosi abo,nezikhulu zabo,nabapristi babo, nabaprofethi babo

27. abathi emthini: ‘Ungubaba,’nasetsheni: ‘Wena wangizala.’Ngokuba bangifulathele, abangibheki;kepha ngesikhathi sokuhlupheka kwabobayakusho ukuthi:‘Vuka, usisindise.’

28. Baphi onkulunkulu bakhoozenzele bona na?Mabavuke, uma bengakusindisangesikhathi sokuhlupheka kwakho,ngokuba njengomumo wemizi yakho,banjalo onkulunkulu bakho, Juda.

Ujeremiya 2