Ujeremiya 18:12-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Kepha bathi: ‘Kuyize, ngokuba siyakulandela amacebo ethu, senze, kube yilowo nalowo ngenkani yenhliziyo yakhe embi.’ ”

13. Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:“Buzani phakathi kwabezizwe ukuthingubani owake wezwa okunjengalokho na?Intombi yakwa-Israyeli yenzileinto eyesabekayo kakhulu.

14. Ungqoqwane waseLebanoniuyashiya yini amadwala asendle,namanzi aqandayo agobhoza kude ayakusha, na?

15. Ngokuba abantu bami bangikhohliwe,bashisela okuyize impepho,bakhubeka ezindleleni zabo,emendweni yasenduloukuba bahambe ngemikhondo,ngezindlela ezingahlelwanga,

16. benze izwe labo libe yisimangalisonento encimfelwayo njalo;bonke abadlula khona bayakumangala,banikine ikhanda.

Ujeremiya 18