Ujeremiya 17:14-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Ngiphulukise, Jehova, ngiphuluke;ngisindise, ngisindiswe,ngokuba uludumo lwami.

15. Bheka, bathi kimi:“Liphi izwi likaJehova na?Malize phela.”

16. Mina-ke angiyekanga ukwalusa ngokukulandela,futhi angilufisanga usuku olwesabekayo;wena uyazi;okwaphuma emlonyeni wamikwakuphambi kobuso bakho.

17. Ungabi luvalo kimi;uyisiphephelo sami ngosuku lobubi.

18. Mababe namahloni abangizingelayo,kepha mina mangingabi nawo;baphele amandla bona,mina ngingapheli wona kodwa;behlisele usuku lobubi,ubaphule ngokwaphula okuphindiweyo.

19. Usho kanje kimi uJehova, uthi: “Hamba ume esangweni lamadodana abantu, angena ngalo amakhosi akwaJuda, aphuma ngalo futhi, nasemasangweni onke aseJerusalema,

20. uthi kuwo: ‘Zwanini izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda, noJuda wonke, nani nonke enakhileyo eJerusalema eningena ngalawa masango;

21. usho kanje uJehova, uthi: Xwayani ngenxa yemiphefumulo yenu ukuba ningathwali mthwalo ngosuku lwesabatha, ningawungenisi ngamasango aseJerusalema;

22. futhi ningakhiphi mthwalo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha, ningasebenzi msebenzi, kepha lungcweliseni usuku lwesabatha njengokuyala kwami oyihlo,

23. nakuba bengalalelanga, bengabekanga izindlebe, kepha benza lukhuni intamo yabo, ukuze bangezwa, balaywe.

Ujeremiya 17