Ujeremiya 15:17-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Angihlalanga emhlanganweni wabahlekayo,angithokozanga;ngahlala ngedwa ngenxa yesandla sakho,ngokuba ungigcwalisile ngokufutheka.

18. Yini ukuba ubuhlungu bamibube khona njalonjalo,nesilonda sami singapholiswa,sala ukuphulukiswa, na?Impela uyakuba ngamanzi aphuthayo kimi,amanzi angathembekile, na?

19. Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:“Uma ubuya, ngiyakukubuyisa,ume phambi kwami;uma ukhipha okuyigugu kokungamanyala,uyakuba ngumlomo wami;laba bayakubuyela kuwe,kepha wena awuyikubuyela kubo.

20. Ngiyakukwenza ukuba ube lugangelwethusi oluqinileyo kulaba bantu;bayakulwa nawe,kepha abayikukwahlula,ngokuba mina nginawe ukukusindisa nokukophula,” usho uJehova.

Ujeremiya 15