5. Ngosuku lwenkosi yethuizikhulu zazigulisa ngokushisa kwewayini;yona yayiselulela izideleli isandla.
6. Lapho sebeshisile izinhliziyo zabo ngamacebo zibe njengeziko,umphekisinkwa wabo ulala ubusuku bonke;ekuseni liyavutha njengomlilo wamalangabi.
7. Bonke bashisa njengeziko,badla abahluleli babo;onke amakhosi abo ayawa,kungekho phakathi kwabo ongibizayo.
8. “U-Efrayimi uyazihlanganisa nabanye abantu:u-Efrayimi uyiqebelengwane elingaphendulwanga.
9. Abafokazi badlile amandla akhe,kepha yena akazi;izimvi zikhahlele kuye,kepha yena akazi.
10. Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe,nokho ababuyelanga kuJehova uNkulunkulu wabo,abamfunanga kukho konke lokhu.
11. “U-Efrayimi unjengejuba elidukiswayo lingenangqondo;bayabiza iGibithe, baya e-Asiriya.
12. Lapho sebehamba,ngiyabenekela inetha lami,ngibehlise njengezinyoni zezulu,ngibajezise njengokuzwakeleyo ebandleni labo.
13. Maye kubo, ngokuba bangibalekele!Makube ngukuchithwa kubo,ngokuba baphambukile kimi!Bengiyakubahlenga minalabo abakhulume amanga ngami na?