1. Lapho u-Efrayimi ekhuluma,kwavela ukuthuthumela;wayephakeme kwa-Israyeli,kepha wazitholela icala ngoBali, wafa.
2. Manje benezela ekoneni,bazenzele imifanekiso ebunjiweyo ngesiliva labonezithombe ngokuqonda kwabo,zonke ziyimisebenzi yezinyanga;bakhuluma ngabo, bathi:“Bahlaba abantu,kepha banga amathole.”