Uhezekeli 9:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wayesememeza ezindlebeni zami ngezwi elikhulu, ethi: “Mazisondele izijeziso zomuzi, kube yilowo nalowo abe nezikhali zokubulala esandleni sakhe.”

2. Bheka, kwafika amadoda ayisithupha evela endleleni yasesangweni lasenhla, elingasenyakatho, yileyo naleyo inesikhali sokubulala esandleni sayo, enye phakathi kwawo yembethe ilineni, inophondo lukayinki* womlobi ngasokhalweni lwayo. Angena, ema ngaseceleni le-altare lethusi.

3. Inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yayenyukile ekherubini* eyayiphezu kwalo, yaya embundwini wendlu, wayibiza indoda eyembethe ilineni, eyayinophondo lukayinki* womlobi ngasokhalweni lwayo.

4. UJehova wathi kuyo: “Dabula emzini, phakathi kweJerusalema, ubeke uphawu emabunzini abantu ababubula bekhala ngazo zonke izinengiso ezenziwa phakathi kwalo.”

5. Kwamanye washo ezindlebeni zami, wathi: “Dabulani emzini emva kwayo, nibulale, iso lenu lingahawukeli, ningabi nabubele,

6. nibulale nichithe amaxhegu, nezinsizwa, nezintombi, nezingane, nabesifazane, ningasondeli kodwa kumuntu okukuye uphawu, niqale endlini yami engcwele.” Ayeseqala ngamadoda amadala ayephambi kwendlu.

Uhezekeli 9