Uhezekeli 8:1-2 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi ngomnyaka wesithupha ngenyanga yesithupha ngolwesihlanu lwenyanga lapho ngihlezi endlini yami, amalunga akwaJuda ehlezi ngaphambi kwami, isandla seNkosi uJehova sawela lapho phezu kwami.

2. Ngase ngibona, bheka, kwakunjengokubonakala komlilo; kusukela kokungathi ukhalo kuya phansi kwakungumlilo, kusukela okhalweni kuya phezulu kwakunjengokukhazimula nanjengethusi elimenyezelayo.

Uhezekeli 8