1. “Nanka amagama ezizwe. Kusukela ekugcineni kwasenyakatho eceleni kwendlela yaseHetiloni kuze kube sekuyeni eHamati naseHasari Enani, emkhawulweni waseDamaseku ngasenyakatho, eceleni kweHamati, uDani uyakuba nesabelo, abe nohlangothi lwasempumalanga kuze kube sentshonalanga.
2. “Ngasemkhawulweni wakwaDani, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, u-Asheri uyakuba nesabelo.
3. “Ngasemkhawulweni wakwa-Asheri, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uNafetali uyakuba nesabelo.
4. “Ngasemkhawulweni wakwaNafetali, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uManase uyakuba nesabelo.
5. “Ngasemkhawulweni wakwaManase, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, u-Efrayimi uyakuba nesabelo.