1. Wayesengibuyisela emnyango wendlu; bheka, amanzi aphuma phansi kombundu wendlu ngasempumalanga, ngokuba ubuso bendlu babungasempumalanga; amanzi ehla evela phansi, ohlangothini lokunene lwendlu, ngaseningizimu kwe-altare.
2. Wayesengiphumisa ngendlela yesango ngasenyakatho, wangizungezisa ngendlela engaphandle esangweni elingaphandle, elibheke endleleni yasempumalanga; bheka, kwampompoza amanzi ohlangothini lokunene.
3. Lapho umuntu esephuma, eya ngasempumalanga, enomucu wokulinganisa esandleni sakhe, walinganisa izingalo eziyinkulungwane, wangidabulisa emanzini, amanzi efinyelela emaqakaleni.
4. Wabuye walinganisa inkulungwane, wangidabulisa emanzini, amanzi efinyelela emadolweni. Walinganisa futhi inkulungwane, wangidabulisa, amanzi efinyelela okhalweni.