Uhezekeli 46:9-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Kepha lapho abantu bezwe bengena phambi kukaJehova emikhosini emisiweyo, ongena ngendlela yesango lasenyakatho ukuyokhuleka uyakuphuma ngendlela yesango laseningizimu; ongena ngendlela yesango laseningizimu uyakuphuma ngendlela yesango lasenyakatho; kayikubuya ngendlela yesango angene ngalo, kepha kuyakuphunywa kwelimalungana nalo.

10. Ekungeneni kwabo isikhulu siyakuhamba phakathi kwabo; ekuphumeni bayakuphuma kanyekanye.

11. “ ‘Emikhosini nasemihlanganweni umnikelo wempuphu uyakuba yi-efa* ngenkunzi ne-efa ngenqama, ngamawundlu ube njengamandla aso, kube yihini* lamafutha nge-efa.

12. Lapho isikhulu siyakulungisa umnikelo wesihle, umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula ibe ngumnikelo wesihle kuJehova, siyakuvulelwa isango elibheke ngasempumalanga, silungise umnikelo waso wokushiswa neminikelo yaso yokuthula njengokwenza kwaso ngosuku lwesabatha, bese siphuma; nalapho sesiphumile, isango liyakuvalwa.

13. “ ‘Uyakulungisa iwundlu elinomnyaka munye elingenasici libe ngumnikelo wokushiswa kuJehova imihla ngemihla, ulilungise ekuseni njalo.

14. Uyakuwulungisela umnikelo wempuphu ekuseni njalo, inxenye yesithupha ye-efa* nenxenye yesithathu yehini* lamafutha ukugcoba impuphu ecolekileyo, kube ngumnikelo wempuphu kuJehova njalonjalo ngesimiso esiphakade.

15. Bayakulungisa-ke iwundlu, nomnikelo wempuphu, namafutha ekuseni njalo, kube ngumnikelo wokushiswa imihla yonke.

16. “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Uma isikhulu sinika enye yamadodana aso isipho, kuyifa layo, yimfuyo yayo ngokobufa.

Uhezekeli 46