Uhezekeli 45:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “ ‘Kuyakuthi ekwahlukanisweni kwezwe ngenkatho libe ngamafa, ninikele kuJehova ngomnikelo, okungcwele kwezwe, ubude bube ngubude bezinhlanga eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ububanzi bube yizinkulungwane eziyishumi, kube ngcwele emikhawulweni yonke nxazonke.

2. Kulokhu kuyakuba ngokwendlu engcwele okubude bakho bungezamakhulu ayisihlanu nokobubanzi bakho bungamakhulu ayisihlanu, kunezinhlangothi ezine nxazonke, nezingalo ezingamashumi ayisihlanu zibe ngezamadlelo akho nxazonke.

3. Kuso lesi silinganiso uyakulinganisa ubude obuyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu nobubanzi obuyizinkulungwane eziyishumi, kube yindawo engcwele kakhulu.

4. Kungokungcwele kwezwe, kungokwabapristi, izikhonzi zendlu engcwele ezisondela ukumkhonza uJehova, kube yindawo yezindlu zabo nendawo engcwele yendlu engcwele.

5. Izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude nezinkulungwane eziyishumi ububanzi ziyakuba ngezamaLevi, izikhonzi zendlu, zibe yifa lawo lemizi ukuhlala kuyo.

Uhezekeli 45