Uhezekeli 42:4-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Ngaphambi kwamakamelo kwakukhona indlela yokuhamba, ububanzi bayo buyizingalo eziyishumi ngaphakathi, nobude bayo buyizingalo eziyikhulu; iminyango yawo yayingasenyakatho.

5. Amakamelo aphezulu ayemafushane, ngokuba imipheme yanciphisa kulawa kunakwaphansi naphakathi esakhiweni.

6. Ngokuba ayelakanyene kathathu; ayengenazinsika njengezinsika zamagceke; ngalokho angaphezulu ayehlehlile kunaphansi naphakathi kusukela emhlabathini.

Uhezekeli 42