1. Wayesengiphumisela egcekeni elingaphandle ngasenyakatho, wangingenisa ekamelweni elibhekene nendawo eyahlukanisiweyo, elimalungana nesakhiwo ngasenyakatho,
2. ohlangothini olude, ubude balo buyizingalo eziyikhulu, umnyango ungasenyakatho; ububanzi babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu.
3. Malungana nezingalo ezingamashumi amabili ezazingezegceke elingaphakathi, namalungana nendawo egandayiweyo eyayingeyegceke elingaphandle kwakukhona umpheme malungana nompheme eyelakanyene kathathu.
4. Ngaphambi kwamakamelo kwakukhona indlela yokuhamba, ububanzi bayo buyizingalo eziyishumi ngaphakathi, nobude bayo buyizingalo eziyikhulu; iminyango yawo yayingasenyakatho.
5. Amakamelo aphezulu ayemafushane, ngokuba imipheme yanciphisa kulawa kunakwaphansi naphakathi esakhiweni.
6. Ngokuba ayelakanyene kathathu; ayengenazinsika njengezinsika zamagceke; ngalokho angaphezulu ayehlehlile kunaphansi naphakathi kusukela emhlabathini.
7. Ugange olwalungaphandle eceleni kwamakamelo ngasegcekeni elingaphandle babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu.
8. Ngokuba ubude bamakamelo ayesegcekeni elingaphandle babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, kepha bheka, ngaphambi kwethempeli kwakuyizingalo eziyikhulu.