30. Kwakukhona imengamo nxazonke, ubude bayo buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu, nobubanzi bayo buyizingalo eziyisihlanu.
31. Imengamo yalo yayibheke egcekeni elingaphandle; amasundu ayekhona ezinsikeni zalo; kwakhushukelwa kulo ngezinyathelo eziyisihiyagalombili.
32. Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi ngasempumalanga, walilinganisa isango njengezilinganiso zasenhla,
33. namakamelo alo abalindi, nezinsika zalo, nemengamo yalo njengezilinganiso zasenhla; kwakukhona amafasitele kulo nakuyo imengamo yalo nxazonke; ubude babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.
34. Imengamo yalo yayibheke egcekeni elingaphandle; amasundu ayekhona ezinsikeni zalo ngalapha nangalapha; kwakhushukelwa kulo ngezinyathelo eziyisishiyagalombili.
35. Wayesengiyisa esangweni lasenyakatho, walilinganisa njengezilinganiso zasenhla,
36. namakamelo alo abalindi, nezinsika zalo, nemengamo yalo; kwakukhona amafasitele kulo nxazonke; ubude babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.
37. Izinsika zalo zazibheke egcekeni elingaphandle; amasundu ayekhona ezinsikeni zalo ngalapha nangalapha; kwakhushukelwa kulo ngezinyathelo eziyisishiyagalombili.
38. Kwakukhona ikamelo nomnyango walo ngasezinsikeni emasangweni; bahlanza khona umnikelo wokushiswa.
39. Emphemeni wesango kwakukhona amatafula amabili ngalapha namatafula amabili ngalapha ukuba kuhlatshelwe kuwo umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono nomnikelo wecala.