Uhezekeli 40:30-39 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

30. Kwakukhona imengamo nxazonke, ubude bayo buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu, nobubanzi bayo buyizingalo eziyisihlanu.

31. Imengamo yalo yayibheke egcekeni elingaphandle; amasundu ayekhona ezinsikeni zalo; kwakhushukelwa kulo ngezinyathelo eziyisihiyagalombili.

32. Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi ngasempumalanga, walilinganisa isango njengezilinganiso zasenhla,

33. namakamelo alo abalindi, nezinsika zalo, nemengamo yalo njengezilinganiso zasenhla; kwakukhona amafasitele kulo nakuyo imengamo yalo nxazonke; ubude babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.

34. Imengamo yalo yayibheke egcekeni elingaphandle; amasundu ayekhona ezinsikeni zalo ngalapha nangalapha; kwakhushukelwa kulo ngezinyathelo eziyisishiyagalombili.

35. Wayesengiyisa esangweni lasenyakatho, walilinganisa njengezilinganiso zasenhla,

36. namakamelo alo abalindi, nezinsika zalo, nemengamo yalo; kwakukhona amafasitele kulo nxazonke; ubude babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.

37. Izinsika zalo zazibheke egcekeni elingaphandle; amasundu ayekhona ezinsikeni zalo ngalapha nangalapha; kwakhushukelwa kulo ngezinyathelo eziyisishiyagalombili.

38. Kwakukhona ikamelo nomnyango walo ngasezinsikeni emasangweni; bahlanza khona umnikelo wokushiswa.

39. Emphemeni wesango kwakukhona amatafula amabili ngalapha namatafula amabili ngalapha ukuba kuhlatshelwe kuwo umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono nomnikelo wecala.

Uhezekeli 40