Uhezekeli 40:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngomnyaka wamashumi amabili nanhlanu, wokuthunjwa kwethu ekuqaleni komnyaka, ngolweshumi lwenyanga, ngomnyaka weshumi nane, emva kokunqotshwa komuzi, ngalona lolo suku, isandla sikaJehova sasiphezu kwami, wangiyisa khona.

2. Ngemibono kaNkulunkulu wangiyisa ezweni lakwa-Israyeli, wangibeka entabeni ephakeme kakhulu, okwakuphezu kwayo kungathi isakhiwo somuzi ngaseningizimu.

3. Wangiyisa khona; bheka, umuntu osimo sakhe sasinjengesimo sethusi, ephethe intambo yefilakisi* esandleni sakhe, nohlanga lokulinganisa, wayemi esangweni.

4. Lo muntu wathi kimi: “Ndodana yomuntu, bheka ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho, ubeke inhliziyo yakho kukho konke engiyakukubonisa khona, ngokuba ulethiwe ukuba ngikubonise; yitshele indlu yakwa-Israyeli konke okubonayo.”

5. Bheka, kwakukhona ugange ngaphandle kwendlu nxazonke, nasesandleni somuntu kwakukhona uhlanga lokulinganisa, luyizingalo eziyisithupha, yileyo naleyo iyingalo nobubanzi besandla; walinganisa ububanzi besakhiwo: luhlanga lunye; nokuphakama: luhlanga lunye.

6. Wayeseya esangweni elalibheke empumalanga, wakhuphuka ngezinyathelo zalo, walinganisa umbundu wesango; ububanzi bawo babuluhlanga lunye.

Uhezekeli 40