Uhezekeli 4:14-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Ngase ngithi: “O Nkosi Jehova, bheka, umphefumulo wami awuzange ungcoliswe, ngokuba kusukela ebusheni bami kuze kube manje angidlanga okuzifeleyo nokudweshuliweyo, nenyama enengekayo ayingenanga emlonyeni wami.”

15. Wathi kimi: “Bheka, ngikunike umquba esikhundleni sendle yomuntu; uyakusenza isinkwa sakho phezu kwawo.”

16. Wathi futhi kimi: “Ndodana yomuntu, bheka, ngiyakwaphula uzime lwesinkwa eJerusalema, badle isinkwa ngesilinganiso ngokwesaba, baphuze amanzi ngesilinganiso ngokumangala

17. ukuba baswele isinkwa namanzi, bamangale omunye nomunye, babune ebubini babo.

Uhezekeli 4