Uhezekeli 4:11-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Namanzi uyakuwaphuza ngesilinganiso, inxenye yesithupha yehini,* uphuze izikhathi ngezikhathi.

12. Uyakukudla kungathi amaqebelengwane ebhali,* uwenze phambi kwabo ngendle ephuma kumuntu.”

13. Wathi uJehova: “Kanjalo nabantwana bakwa-Israyeli bayakusidla isinkwa sabo singcolile phakathi kwezizwe engiyakubaxoshela kuzo.”

Uhezekeli 4