1. Isandla sikaJehova sasiphezu kwami, sangikhipha ngoMoya kaJehova, sangibeka phakathi kwesigodi; sasigcwele amathambo.
2. Wangidlulisa kuwo, ngawazungeza; bheka, ayemaningi kakhulu ebusweni besigodi, futhi bheka, ayomile kakhulu.
3. Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa mathambo angaphila na?”Ngathi: “Nkosi Jehova, wena uyazi.”
4. Wayesethi kimi: “Profetha phezu kwalawa mathambo, uthi kuwo: ‘Nina mathambo omileyo, zwanini izwi likaJehova.