Uhezekeli 36:16-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

17. “Ndodana yomuntu, indlu yakwa-Israyeli isahlala ezweni layo balingcolisa ngezindlela zabo nangezenzo zabo; indlela yabo yayingcolile phambi kwami njengowesifazane ekungcoleni kwakhe.

18. Ngase ngithulula ukufutheka kwami phezu kwabo ngenxa yegazi ababelichithe ezweni, nangokuba babelingcolisile ngezithombe zabo.

19. Ngabahlakazela phakathi kwezizwe, basabalaliselwa emazweni; ngabahlulela njengendlela yabo nezenzo zabo.

20. Nxa sebefika ezizweni lapho beya khona, balihlambalaza igama lami elingcwele, lapho kwakuthiwa ngabo: ‘Laba bangabantu bakaJehova, kepha nokho baphumile ezweni lakubo.’

21. Kodwa ngalihawukela igama lami elingcwele eyayilingcolisile indlu yakwa-Israyeli phakathi kwezizwe, lapho yaya khona.

22. “Ngalokho yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi, uJehova, ithi: Angikwenzi lokho ngenxa yenu nina ndlu yakwa-Israyeli, kepha ngenxa yegama lami elingcwele enilihlambalazile phakathi kwezizwe, lapho naya khona.

23. Ngiyakulingcwelisa igama lami elikhulu elihlanjalaziwe phakathi kwezizwe, enilihlambalazile phakathi kwazo, izizwe zazi ukuthi nginguJehova, isho iNkosi uJehova, lapho ngiyakungcweliseka ngani emehlweni abo.

24. “ ‘Ngiyakunithabatha ezizweni, nginibuthe emazweni onke, nginiyise ezweni lakini.

25. Ngiyakunifafaza ngamanzi ahlambulukileyo, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.

26. Ngiyakuninika inhliziyo entsha, ngifake phakathi kwenu umoya omusha, ngikhiphe inhliziyo yetshe enyameni yenu, ngininike inhliziyo yenyama.

27. Ngiyakufaka umoya wami phakathi kwenu, ngenze ukuba nihambe ngezimiso zami; niyakugcina izahlulelo zami, nizenze.

28. Niyakuhlala ezweni engalinika oyihlo, nibe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu.

29. Ngiyakunisindisa kukho konke ukungcola kwenu, ngibize amabele, ngiwandise, ngingabeki indlala phezu kwenu.

30. Ngiyakwandisa izithelo zomuthi nokudla komhlabathi, ningabe nisamukeliswa ihlazo lendlala phakathi kwezizwe.

31. Seniyakukhumbula izindlela zenu ezimbi nezenzo zenu ezingezinhle, ninengeke emehlweni enu ngenxa yobubi benu nangenxa yezinengiso zenu.

32. Angikwenzi lokhu ngenxa yenu, isho iNkosi uJehova; makwaziwe kini; jabhani, nibe namahloni ngenxa yezindlela zenu nina ndlu yakwa-Israyeli.

33. “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Mhla nginihlambulula ebubini benu bonke, ngiyakwenza ukuba imizi ihlalwe, zakhiwe izindawo ezichithekileyo.

Uhezekeli 36