27. “Uyakusho kanje kubo, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kuphila kwami, abasezincithakalweni, ngempela, bayakuwa ngenkemba, nosendle ngiyakumnika izilwane ukuba adliwe, nabasezinqabeni nasemihumeni bayakufa ngesifo.
28. Ngiyakwenza izwe libe yincithakalo nokuyize, kuphele ukuzidla kwamandla alo; izintaba zakwa-Israyeli ziyakuchithwa ukuze kungabikho odlulayo.
29. Bayakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ngenzile izwe libe yincithakalo nokuyize ngenxa yazo zonke izinengiso zabo abazenzileyo.’
30. “Wena-ke, ndodana yomuntu, abantwana babantu bakho bakhuluma ngawe ngasezindongeni naseminyango yezindlu, basho omunye komunye, omunye kumfowabo, bathi: ‘Woza uzwe ukuthi yizwi lini eliphuma kuJehova.’