Uhezekeli 32:8-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Ngiyakwenza mnyama phezu kwakhozonke izinkanyiso zezulu ezikhanyayo,ngibeke ubumnyama ezweni lakho, isho iNkosi uJehova.

9. Ngiyakukhathaza izinhliziyo zabantu abaningi,lapho sengiletha ukwaphulwa kwakho ezizweniemazweni ongawazanga.

10. Ngiyakwenza ukuba abantu abaningi bamangale ngawe,amakhosi abo aqhakanyeke,lapho ngisikaza ngenkemba phambi kwawo,aqhaqhazele imizuzwana yonke,kube yileyo naleyo ngokuphila kwayo ngosuku lokuwa kwakho.

11. “ ‘Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Inkemba yenkosi yaseBabele iyakukwehlela.

Uhezekeli 32