Uhezekeli 32:13-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Ngiyakuqothula zonke izinkomo zalo ezingasemanzini amaningi,angabe esanyakaziswa lunyawo lomuntu,anganyakaziswa yizinselo zezinkomo.

14. Ngiyakwenza ukuba amanzi abo abohle,ngihambise imifula yabo njengamafutha, isho iNkosi uJehova.

15. Lapho ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yincithakalo nehlane,izwe elingasenokugcwala kwalo,lapho ngibulala bonke abakhe kulo,khona bayakwazi ukuthi nginguJehova.’

16. “Lokhu kuyisililo abayakulila ngaso; amadodakazi ezizwe ayakulilisela ngaso, alilele iGibithe nesixuku salo ngaso, isho iNkosi uJehova.”

17. Kwathi ngomnyaka weshumi nambili, ngolweshumi nanhlanu lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

18. “Ndodana yomuntu, khalela isixuku saseGibithe, usehlisele ezindaweni eziphansi komhlaba, sona namadodakazi ezizwe ezidumileyo, kanye nabehlela egodini.

19. Udlula bani ngobuhle na? Yehla, ulaliswe phakathi kwabangasokile.

20. Bayakuwa phakathi kwabagwazwe ngenkemba; linikelwe enkembeni; lihuduleni nazo zonke izixuku zalo.

21. Abanamandla bamaqhawe bayakukhuluma ngalo nangabasizi balo, bephakathi kwendawo yabafileyo, bathi: ‘Sebehlile, sebelele abangasokile, bebulewe ngenkemba.’

22. “Lapho kukhona i-Asiriya neviyo lalo lonke, amathuna alo engakulo nxazonke, bonke bebulewe bewe ngenkemba,

23. amathuna alo engaphakathi kwegodi, iviyo lalo lizungeza ithuna nxazonke, bonke balo bebulewe bewe ngenkemba, labo ababebanga ukuba besatshwe ezweni labaphilayo.

24. “Lapho kukhona i-Elamu nesixuku sonke salo nxazonke zethuna, bebulewe bonke bewe ngenkemba, abehlele ezindaweni eziphansi komhlaba bengasokile, ababebanga ukuba besatshwe ezweni labaphilayo; sebethwala amahloni abo kanye nabehlela egodini.

Uhezekeli 32