7. Kepha indlu yakwa-Israyeli kayiyikukuzwa, ngokuba ayingizwa mina, lokhu indlu yakwa-Israyeli inebunzi elilukhuni nenhliziyo enqala.
8. Bheka, ngenze ubuso bakho bube lukhuni njengobuso babo, nebunzi lakho libe nqala njengamabunzi abo.
9. Ngenze ibunzi lakho njengedayimani,* elilukhuni kunensengetsha; ungabesabi, ungapheli amandla ngobuso babo, noma beyindlu ehlubukayo.”