11. Hamba uye kubathunjwa, kubantwana babantu bakho, ukhulume kubo, uthi kubo: ‘Isho njalo iNkosi uJehova,’ noma bezwa noma benganaki.”
12. Wayesengiphakamisa uMoya, ngezwa emva kwami izwi lokuduma okukhulu, lathi: “Mayibusiswe inkazimulo kaJehova endaweni yakhe;”
13. nomsindo wamaphiko ezidalwa athintanayo, nomsindo wamasondo eceleni kwazo, umsindo wokukhulu ukuduma.
14. UMoya wayesengiphakamisa, wangisusa; ngahamba nginomunyu ngokufutheka komoya wami; isandla sikaJehova saba namandla phezu kwami.
15. Ngafika kubathunjwa ngaseTheli Abibi ababehlezi ngasemfuleni iKhebari, lapho babehlala khona; ngahlala khona phakathi kwabo izinsuku eziyisikhombisa ngimangele.
16. Kwathi ekugcineni kwezinsuku eziyisikhombisa izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
17. “Ndodana yomuntu, ngikwenze umlindi kuyo indlu yakwa-Israyeli; ngalokho yizwa izwi emlonyeni wami, ungixwayisele bona.
18. Lapho ngithi komubi: ‘Uyakufa nokufa,’ bese wungamxwayisi, ungakhulumi ukumxwayisa omubi ngendlela yakhe ukuba umsindise, yena lowo omubi uyakufela ezonweni zakhe, kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.