Uhezekeli 29:7-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Lapho bekubamba ngesandla, uyaphuka,uklebhula zonke izinhlangothi zabo;nalapho bencika kuwe, uyaphuka,untengantengise zonke izinkalo zabo.

8. “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakwehlisela phezu kwakho inkemba, nginqume kuwe abantu nezilwane.

9. Izwe laseGibithe liyakuba yincithakalo nehlane, bazi ukuthi nginguJehova, ngokuba wathi: “Umfula ungowami, mina ngiwenzile.”

10. Bheka, ngalokho ngimelene nawe nemifula yakho; ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yihlane lamahlane nencithakalo, kusukela eMigidoli kuze kube seSevene, kuze kube semkhawulweni waseKushe.

Uhezekeli 29