Uhezekeli 29:6-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Bonke abakhileyo eGibithe bayakwazi ukuthi nginguJehova,ngokuba bebeludondolo lohlangakuyo indlu yakwa-Israyeli.

7. Lapho bekubamba ngesandla, uyaphuka,uklebhula zonke izinhlangothi zabo;nalapho bencika kuwe, uyaphuka,untengantengise zonke izinkalo zabo.

8. “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakwehlisela phezu kwakho inkemba, nginqume kuwe abantu nezilwane.

9. Izwe laseGibithe liyakuba yincithakalo nehlane, bazi ukuthi nginguJehova, ngokuba wathi: “Umfula ungowami, mina ngiwenzile.”

10. Bheka, ngalokho ngimelene nawe nemifula yakho; ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yihlane lamahlane nencithakalo, kusukela eMigidoli kuze kube seSevene, kuze kube semkhawulweni waseKushe.

11. Akuyikudabula kulo unyawo lomuntu, akuyikudabula kulo unyawo lwesilwane, aliyikuhlalwa iminyaka engamashumi amane.

Uhezekeli 29