Uhezekeli 29:13-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. “ ‘Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amane ngiyakubabutha abaseGibithe kubantu abahlakazekele kubo,

14. ngibuyise ukuthunjwa kwaseGibithe, ngibabuyisele ezweni lasePhatirosi, izwe lokudabuka kwabo, babe ngumbuso ophansi khona.

15. Liyakuba phansi emibusweni, alisayikuziphakamisa phezu kwezizwe; futhi ngizakubanciphisa ukuba bangabusi izizwe.

16. Alisayikuba yithemba kuyo indlu yakwa-Israyeli, likhumbuza ngokona lapho bebaphendukela, bazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.’ ”

17. Kwathi ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ngenyanga yokuqala, ngolokuqala lwenyanga, lafika kimi izwi likaJehova, lathi:

Uhezekeli 29