13. “ ‘Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amane ngiyakubabutha abaseGibithe kubantu abahlakazekele kubo,
14. ngibuyise ukuthunjwa kwaseGibithe, ngibabuyisele ezweni lasePhatirosi, izwe lokudabuka kwabo, babe ngumbuso ophansi khona.
15. Liyakuba phansi emibusweni, alisayikuziphakamisa phezu kwezizwe; futhi ngizakubanciphisa ukuba bangabusi izizwe.
16. Alisayikuba yithemba kuyo indlu yakwa-Israyeli, likhumbuza ngokona lapho bebaphendukela, bazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.’ ”
17. Kwathi ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ngenyanga yokuqala, ngolokuqala lwenyanga, lafika kimi izwi likaJehova, lathi: