Uhezekeli 27:18-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. “ ‘IDamaseku lalingumthengi wakho ngenxa yobuningi bemisebenzi yakho, ngobuningi bayo yonke ingcebo, linewayini laseHeliboni noboya obumhlophe bezimvu.

19. “ ‘IVedani neJavani enana impahla yakho ngotwayibana; insimbi ekhandiweyo, nekasiya,* nomhlanga kwakuphakathi kwempahla yakho.

20. “ ‘IDedani lalingumthengi wakho ngezindwangu ezinhle zokugibela.

21. “ ‘I-Arabiya nazo zonke izikhulu zaseKedari zazingabathengi besandla sakho; zazingabathengi bakho ngamawundlu, nangezinqama, nangezimpongo.

22. “ ‘Abathengi baseSheba naseRama babe ngabathengi bakho, benana impahla yakho ngawo onke amakha aphambili, nangawo onke amatshe anqabileyo, nangegolide.

23. “ ‘IHarana neKhane ne-Edene, abathengi baseSheba, ne-Asiriya, neKilimadi babe ngabathengi bakho.

Uhezekeli 27