Uhezekeli 27:17-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. “ ‘UJuda nezwe lakwa-Israyeli babe ngabathengi bakho; benana impahla yakho ngokolweni waseMiniti, nangawojeqe, nangezinyosi, nangamafutha, nangebhalisamu.*

18. “ ‘IDamaseku lalingumthengi wakho ngenxa yobuningi bemisebenzi yakho, ngobuningi bayo yonke ingcebo, linewayini laseHeliboni noboya obumhlophe bezimvu.

19. “ ‘IVedani neJavani enana impahla yakho ngotwayibana; insimbi ekhandiweyo, nekasiya,* nomhlanga kwakuphakathi kwempahla yakho.

20. “ ‘IDedani lalingumthengi wakho ngezindwangu ezinhle zokugibela.

21. “ ‘I-Arabiya nazo zonke izikhulu zaseKedari zazingabathengi besandla sakho; zazingabathengi bakho ngamawundlu, nangezinqama, nangezimpongo.

22. “ ‘Abathengi baseSheba naseRama babe ngabathengi bakho, benana impahla yakho ngawo onke amakha aphambili, nangawo onke amatshe anqabileyo, nangegolide.

23. “ ‘IHarana neKhane ne-Edene, abathengi baseSheba, ne-Asiriya, neKilimadi babe ngabathengi bakho.

24. Bona babe ngabathengi bakho ngempahla enhle, ngezambatho eziluhlaza nezifekethisiweyo, nangezindwangu ezimibalabala, nangezintambo ezalukiweyo eziqinileyo, ezindaweni zakho zokuthengelana.

25. “ ‘Imikhumbi yaseTharishishi yayihambisa impahla yakho.Wagcwaliswa, wadunyiswa kakhulu enhliziyweni yolwandle.

26. Abagwedli bakho bakuyisa emanzini amaningi;umoya wasempumalanga wawusukwaphulausenhliziyweni yolwandle.

27. Ingcebo yakho, nempahla yakho,nentutho yakho,amatilosi* akho, nabashayeli bakho,abavimbi zimfa bakho, nabaphathi bakho bokuthenga,nawo onke amadoda akho empi akuwe, naso sonke isixuku esiphakathi kwakhokuyakuwela enhliziyweni yolwandle ngosuku lokuwa kwakho.

Uhezekeli 27