Uhezekeli 26:16-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Zonke izikhulu zolwandle ziyakwehla ezihlalweni zazo zobukhosi, zikhumule izingubo zazo, zihlubule izambatho zazo ezifekethisiweyo, zembathe ukuthuthumela, zihlale emhlabathini, zithuthumele njalonjalo, zimangale ngawe.

17. Ziyakwenza isililiselo ngawe, zithi kuwe:“Yeka ukuchitheka kwakho,wena owahlalwa ngabasolwandle,muzi odumileyo,owawunamandla olwandle,wena nabakhileyo kuwe,owenza ukuba besatshwe bonke abakhileyo kuwe.

18. Manje iziqhingi ziyakuzamazama ngosuku lokuwa kwakho;iziqhingi ezisolwandle ziyakuphela amandlangokumuka kwakho.

19. “Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lapho ngiyakukwenza umuzi ochithekileyo njengemizi engahlalwayo, nalapho ngiyakukhuphulela utwa phezu kwakho, amanzi amaningi akusibekele,

Uhezekeli 26