Uhezekeli 23:40-45 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

40. “Futhi nithumele amadoda avela kude, okwathunywa kuwo isithunywa; bheka, afika; wazihlanzela wona, wawagqabela amehlo akho, wazivunulisa ngezivunulo,

41. wahlala embhedeni omuhle, itafula elilungisiweyo liphambi kwawo, owabeka kulo impepho yami namafutha ami.

42. “Umsindo wesixuku esihlezi kahle wawulapho; kwangeniswa kanye nabantukazana izidakwa zasehlane; bafaka amasongo ezandleni zabo nemiqhele emihle emakhanda abo.

43. Ngase ngithi ngaye ophelile ekufebeni: ‘Impela bayakufeba naye, yebo, naye,’ na?

44. Bangena kuye njengalokhu kungenwa esifebeni; bangena kanjalo ko-Ohola no-Oholiba, abesifazane abakhanukayo.

45. Abantu abalungileyo bayakubahlulela ngokwahlulelwa kweziphingikazi nangokwahlulelwa kwabesifazane abachitha igazi, ngokuba bayiziphingikazi, negazi lisezandleni zabo.

Uhezekeli 23